Ukuhlaziywa kwamanye amagama abantu abangamaZulu anezithakazelo
Abanye abantu abangamaZulu banamagama aqanjwe ngokusebenzisa izithakazelo. Lawo magama abonakala ngokuthi abe nengxenye eyisithakazelo kuwo. Ukwetha izingane kusetshenziswa izithakazelo kuveza ukuthi abantu abangamaZulu bayazithanda, bayazihlonipha izithakazelo futhi baveza nokubaluleka kwazo empilweni yabo. Ukuqamba izingane amagama kusetshenziswa izithakazelo kuveza ikhono labaqambi bamagama esiZulu. Lukhona ucwaningo oselwenziwe mayelana nokuqanjwa kwamagama kwabantu abangamaZulu {cite a few scholars here} kodwa alukho oselwake lwabheka ngqo ukuqanjwa kwamagama kusetshenziswa izithakazelo. Inkinga okuyiyona eyenze umcwaningi ukuba enze lolu cwaningo ukubona ukuthi abacwaningi abaningi noma kukhona okuthile abakubhalayo ngokwethiwa kwamagama bagxila emagameni ajwayelekile nangazisebenzisi izithakazelo. Ucwaningo lwenziwa ezakhamuzini eziyishumi nanhlanu ezitholakala ezindaweni ezintathu: eNamba 1, eNamba 2 naseSidakeni kwaZulu-Natali (eMnambithi kwaHlathi). Indawo iyodwa ibe nabantu abahlanu ababambe iqhaza ocwaningweni. Kulezi zindawo izingane zisethiwa amagama kusetshenziswa izithakazelo, amasiko asagcinwa kakhulu kuzo, izibongo nezithakazelo basazithatha njengezinto eziyigugu elikhulu kubo. Kusetshenziswa izindlela zocwaningo okuwubunjalobotho, ukufunda izincwadi, imibhalo yocwaningo yeziqu zeMasitazi nobuDokotela, amajeneli nokuxoxisana nomphakathi ekuqoqeni ulwazi olutholakele. Kusetshenziswe injulalwazi okuyi- ‘orality’ ‘orality’ (ukukhuluma ngokusebenzisa umlomo), i-’oral style’ (indlela yokukhuluma ngomlomo) ne-’oracy’ (ukusebenzisa ulimi olukhulunywayo) kulolu cwaningo. Ucwaningo luhlaziye kwatholakala amanye amagama esiZulu ethiwa kusetshenziswa izithakazelo angawabantu besifazane nawabesilisa. Kuyavela ukuthi abantu abangamaZulu ngesikhathi beqamba amagama besebenzisa izithakazelo ababandlululi ngobulili njengoba bobubili ubulili bethiwa amagama ngokusebenzisa izithakazelo. Ngenxa yalokhu, ucwaningo luphetha ngokuthi maningi amagama esiZulu abantu ethiwa kusetshenziswa izithakazelo futhi uma kungacwaningisiswa kusekhona amaningi angatholakala umcwaningi angawavezanga kulolu cwaningo.
Authors
- Celani Lucky Zwane (ORCID: https://orcid.org/0000-0003-3756-4275)
Institutions
- University of Pretoria (ZA)
Publication Details
- Journal
- South African Journal of African Languages
- Published
- 2026-08-03
- DOI
- https://doi.org/10.1080/02572117.2026.2671892
- Primary Topic
- African studies and sociopolitical issues
- Type
- article
- Field-Weighted Citation Impact
- 0.00