Ukwethulwa kwekhono lobuciko behlaya ngesimo somnotho sangoMasingana kusetshenziswa ulimi lwesimo sezulu ku- <i>TikTok</i>

IsifingqoOlimini noma yiluphi kunamakhono ahlukene okubalwa kuwo ikhono lokubhala, elokufunda, elokukhuluma nelokulalela. Lawa makhono anobudlelwano kwazise ayasebenzisana uma kufundiswa ulimi. Ikhono lokuhaya lisebenzisa amakhono amabili, ikhono lokukhuluma nekhono lokubhala. Onke lawa makhono awubuciko bokuqamba. Leli phepha lihlose ukuqhakambisa ubuciko behlaya elibhalwe enkundleni yezokuxhumana i-TikTok ngesimo somnotho esibakhona ngenyanga kaMasingana, okuba yisikhathi emva kwamaholidi emva kokuthi abantu basebenzise imali budlabha. Lolu cwaningo luhlose ukuphendula imibuzo ethi, hlobo luni lolimi olusetshenziswe kuleli hlaya, ngabe lolu hlobo lolimi lusenayo indawo esikhathini samanje? Ngabe lethulwe kanjani leli hlaya? Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlelakwenza yekhwalithethivu egxile emibonweni nasekuqondweni kwenhlalakahle yemiphakathi. Ulwazi lucashunwe enkundleni yezokuxhumana i-TikTok lwahlaziywa kusetshenziswa izinjulalwazi ezimbili eyokuqala ehlaziya ukucikoza (Orality) ehlaziya ubuciko bomlomo neyesibili ehlaziya incazelo (Discourse analysis) yona ebheka ukusetshenziswa kolimi, umqondo nencazelo eyethulwa amagama. Okuzuzwe ucwaningo ukuthi incazelo yamagama esimo sezulu ingena khaxa encazelweni yesimo somnotho. Izifenqo okuyisingathekiso, isifaniso nehaba yizona ezisetshenziswe ekwethuleni umqondo ocashile wesimo somnotho semiphakathi ngesikhathi sangoMasingana. Ikhono nobuciko bokuhaya lidale ubunkondlo ekwethulweni kwesimo somnotho okuholele nasekubhalweni kwalo mlayezo njengenkondlo ku-TikTok. Ngalo mlayezo imiphakathi ifundiswe ukuthi isisu esihle esibonwa ilanga, okungukuthi sibekelwa ngaphandle, ukugwema ukuswela ngesikhathi sangoMasingana. Kokuzuzwe yilolu cwaningo kunobudlelwano phakathi kwesikhathi sakudala ubuciko bomlomo busasetshenziswa uma kukhulunywa, nesikhathi samanje lapho ubuchwepheshe nempucuzeko ye-inthanethi nomakhalekhukhwini kuxhumanisa abantu kalula.

Authors

Institutions

Publication Details

Journal
Southern African Linguistics and Applied Language Studies
Published
2026-06-16
DOI
https://doi.org/10.2989/16073614.2026.2659075
Primary Topic
Literary Theory and Cultural Hermeneutics
Type
article
Field-Weighted Citation Impact
0.00
Controls
|||
ALL TIME
JAN
FEB
MAR
APR
MAY
JUN
JUL
AUG
SEP
OCT
article

Ukwethulwa kwekhono lobuciko behlaya ngesimo somnotho sangoMasingana kusetshenziswa ulimi lwesimo sezulu ku- TikTok

Beryl Babsy Boniwe Xaba
Southern African Linguistics and Applied Language Studies
Literary Theory and Cultural Hermeneutics
article

Ukwethulwa kwekhono lobuciko behlaya ngesimo somnotho sangoMasingana kusetshenziswa ulimi lwesimo sezulu ku- TikTok

Beryl Babsy Boniwe Xaba
article en

Abstract

IsifingqoOlimini noma yiluphi kunamakhono ahlukene okubalwa kuwo ikhono lokubhala, elokufunda, elokukhuluma nelokulalela. Lawa makhono anobudlelwano kwazise ayasebenzisana uma kufundiswa ulimi. Ikhono lokuhaya lisebenzisa amakhono amabili, ikhono lokukhuluma nekhono lokubhala. Onke lawa makhono awubuciko bokuqamba. Leli phepha lihlose ukuqhakambisa ubuciko behlaya elibhalwe enkundleni yezokuxhumana i-TikTok ngesimo somnotho esibakhona ngenyanga kaMasingana, okuba yisikhathi emva kwamaholidi emva kokuthi abantu basebenzise imali budlabha. Lolu cwaningo luhlose ukuphendula imibuzo ethi, hlobo luni lolimi olusetshenziswe kuleli hlaya, ngabe lolu hlobo lolimi lusenayo indawo esikhathini samanje? Ngabe lethulwe kanjani leli hlaya? Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlelakwenza yekhwalithethivu egxile emibonweni nasekuqondweni kwenhlalakahle yemiphakathi. Ulwazi lucashunwe enkundleni yezokuxhumana i-TikTok lwahlaziywa kusetshenziswa izinjulalwazi ezimbili eyokuqala ehlaziya ukucikoza (Orality) ehlaziya ubuciko bomlomo neyesibili ehlaziya incazelo (Discourse analysis) yona ebheka ukusetshenziswa kolimi, umqondo nencazelo eyethulwa amagama. Okuzuzwe ucwaningo ukuthi incazelo yamagama esimo sezulu ingena khaxa encazelweni yesimo somnotho. Izifenqo okuyisingathekiso, isifaniso nehaba yizona ezisetshenziswe ekwethuleni umqondo ocashile wesimo somnotho semiphakathi ngesikhathi sangoMasingana. Ikhono nobuciko bokuhaya lidale ubunkondlo ekwethulweni kwesimo somnotho okuholele nasekubhalweni kwalo mlayezo njengenkondlo ku-TikTok. Ngalo mlayezo imiphakathi ifundiswe ukuthi isisu esihle esibonwa ilanga, okungukuthi sibekelwa ngaphandle, ukugwema ukuswela ngesikhathi sangoMasingana. Kokuzuzwe yilolu cwaningo kunobudlelwano phakathi kwesikhathi sakudala ubuciko bomlomo busasetshenziswa uma kukhulunywa, nesikhathi samanje lapho ubuchwepheshe nempucuzeko ye-inthanethi nomakhalekhukhwini kuxhumanisa abantu kalula.

Southern African Linguistics and Applied Language Studies
University of South Africa (ZA)
Openalex Percentile: Top 1%
Literary Theory and Cultural Hermeneutics
AI Navigator

Ask Laika to Summarize, Analyze, and Connect papers live on the map.

Summarize Papers & Methodologies

Extract key findings, datasets, and comparative methods across publications.

Benchmark Rankings & Visual Analytics

Rank top research institutions, authors, funders, topics, and journals by Field-Weighted Citation Impact (FWCI) and paper volume with instant charts.

Connect Distant Disciplines

Bridge topological clusters on the map to find hidden collaborative intersections.